
Owenza Iziqu ze-PhD Unqobe Umklomelo Wonyaka Wokuthuthukiswa koMphakathi
Click here for English version
Owenza iziqu ze-PhD eSikoleni seZemfundo uNksz Phakamile Mazibuko uyaziqhenya ngokuthola umklomelo woNyaka wokuThuthukisa uMphakathi, emiklomelweni yabesifazane iSebenza Women’s Awards angowezi-2023.
Le miklomelo ibungaza umsebenzi oncomekayo emikhakheni eyehlukene, kubalwa owezobuciko, owamabhizinisi, owezemfundo, owezemvelo, owezempilo, owemisebenzi yomphakathi, owezobulungiswa kanye nezemidlalo.
Inhlangano yakhe engenzi nzuzo, iPhakamile Mazibuko foundation ilekelele abafundi baka-Grade 12 abangaphezu kuka-1500 ukuthi babhalise emanyuvesi eNingizimu Afrika kanye nangaphandle.
‘Ngizizwa ngihloniphekile ukuthola lo mklomelo osingatha izimiso zokuhlanganisa umphakathi. Ukuthuthukisa izimpilo zamalungu omphakathi yinto enginentshisekelo ngayo,’ kusho yena.
Ubonge uNkulunkulu ngokumenza azuze obekubonakala kungeke kwenzeke kanti uzwakalise ukubonga amavoti kanye nokwesekwa akutholile kwabantu abanenkolelo efanayo neyakhe.
UMazibuko wengeze ngokuthi okugqamile ngalolu suku bekungukuba nomzuzu nomama wakhe. ‘Ngaya esiteji ngabe sengibheka emuva ngamcela ukuba azongijoyina. Bengifuna ukumbonga ngakho konke ukuzinikela kwakhe kwayo yonke le minyaka.’
UMazibuko ubuye wazwakalisa ukubonga kwakhe emndenini wakhe, abangani, abalingani kanye nomphakathi wasoLundi ngokumxhasa, kanye nomphakathi wase-UKZN. Ugqugquzele abantu abasha, ikakhulu abesifazane ukuba baqhubeke nokukholelwa kanye nokusebenza kanzima, njengoba izinto zizogcina zihlangene.
Amagama: wuSinoyolo Mahlasela
Izithombeni: Zithunyelwe